P Zulu

 
P Zulu
Councillor

UMntwana uPhila uyiKhansela(PR) lakwa Wadi-16, emele iqembu le-IFP. INdlunkulu yomntwana uMaThabethe, babusiswe ngamadodakazi amabili kanye namadodana amabili.

Waqala ukufunda eNkosiyethu, waphothula u-Matric eKing DinuZulu High School. Wabe eseyofundela izifundo zobuphoyisa lomgwaqo eMgungundlovu.Wabe esesebenza njengephoyisa lomgwaqo isikhathi eside.

UMntwana uPhila waqala kwezepolitiki esesesikoleni lapho waze waba ngusihlalo wegatsha le-IFP. Ufisa ukubona  kufezeka kokulethwa kwezidingo emiphakathini ezinjengokunakekelwa kwezintandane nabafelokazi, amanzi, ugesi kanye nezikhungo zemitholampilo.

Uyafisa ukuthi kulesisikhathi esemkhandlini, kufike intuthuko kwaNongoma eyobonwa nayizizukulwane.

The Mayor and the Executive