SM Zulu

 
SM Zulu
Councillor

UNkosazana SM Zulu MaNtshangase uyiKhansela lakwa Ward-8  esigodini saseBucsedini eqenjini le NFP.Wazalelwa khona kwaNongoma washadela ebuKhosini,ubusiswe ngabantwana abayishumi nanye.Ubeyilunga le IFP ngaphambi kokusungulwa kweqembu le NFP.Umama uMaNtsangase usebe yiyilunga lesigungu esikhulu  iminyaka eyevile kwemihlanu.

Wafunda amabanga aphansi eMvulazi Primary School,waphuthula u-Matric eSibusiso High. Waqhubeka wenza i-Diploma ku Early Child Development. Wabe esehamba eyofundisa kwaMdolo naseMvelazi  Primary School. Uye wanxuswa umphakathi ukuba abe iKhensela kusukela ngonyaka ka-2000, lolu khetho esibuya kulona bese kuyihlandla sesithathu.

Isifiso sika Mama uNtshangase ukuthi izidingo  zomphakathi zenzeke njekufisa kwabantu. Inselelo enkulu ababhekene nayo eyokushoda kwezimali ezibhekene nentuthuko.

The Mayor and the Executive