UMnumzane Masango owaziwa ngelikaMbusokaZulu uzinze kwaBazini, kwaMandlakazi. UyiKhansela(PR) le-ANC elibhekelele ama Wadi-6,8,7,2 kanye no-5. Wayeganwe intombi yakwaSibisi esanda kudlula emhlabeni. Babusiswa ngamadodakazi amane kanye namadodana amabili.
Ngokwezemfundo, uKhansela Masango wafunda khona lapha kwaNongoma, wagcina ebangeni lesishagalombili ePhumanyova. Usebenze eGoli kanye naseMpangeni, wabuya kwaNongoma ngo-2000 lapho abe asebekwa khona njengenduna yeNkosi.
Ezepolitiki waziqala eqenjini le-IFP, wabe esengena eqenjini le-ANC ngo-2008. UbuKhansela ungene kubo emva kokhetho luka-2011. UKhansela Masango enesifiso sokubona intuthuko emiphakathini kanye nokubambisana kwamaqembu ezepolitiki emkhandlwini kaMasipala.
