Alpheus Mchunu

 
Alpheus Mchunu
Speaker

uMnumzane Alpheus Mchunu uyiKhansela(PR) lakwa Wadi-17 emele iqembu le-NFP . UMacingwane uvela endaweni yaseBethani, uganiwe wabe esebusiswa ngamadodakazi amane.  U Khansela Mchunu uyilunga lesigungu esikhulu somkhandlu. Wabuye waqokelwa ukuba nguSomlomo womkhandlu.

Ubaba uMacingwane waqala ukufunda amabanga aphansi eHlophenkulu, wadlulela esikoleni esesaziwa ngokuthi uMlokotho. Wabe esephothula u- Matric e St Augustines. Emva kokuphothula uMatric, wahamba wayosebenza njengomhlengikazi wabe eseyosebenza ezitimeleni zamanzi. Wabuya lapho wayosebenza kwa- Unilever iminyaka emithathu. Wabe esebuya eseyosebenzela uHulumeni emnyangweni wakwa-Works njengeartisian. UMacingwane wabe esehamba eyosebenza emnyangweni wezangaphakathi njengoMhloli lapho ababeqeqesha khona abantu ngamakhono emikhakha eyahlukahlukene. Ube esebuya esezohlala ekhaya.

UKhansela Mchunu waqala ipolitiki ebusheni bakhe ngaphansi kweqembu le-IFP. Wangenela ubuKhansela ngesikhathi sokufika kukaHulumeni omusha.  Kwathi nxashana kuqala uqhekeko ku-IFP, waxoshwa yena nabanye abaningi.

NjengoSomlomo womkhandlu uMacingwane ubhekele ukusebenza kwamaKhansela, amakomidi emawadi, abasebenzela amakomidi(CDW) kanye nenhlalakahle yawo amaKhansela. Umsebenzi kaSomlomo udinga ukuba UMacingwane abe sehhovisi ngezikhathi zonke ukuze axhumane namakhansela kanye nabaphathi bomkhandlu. UMacingwane uthi bazimisele ukubambisana nazo zonke ezinye izinhlangano ekuletheni intuthuko emiphakathini. Uqhubeke wathi umkhandlu unezinhloso zokukhuphula izinga ledolobha lifane kanye nawo wonke amadolobha asethuthukile

Speaker and the Councillors